IMeya yaKwaDukuza uvakashele indawo yesigameko sokuwa kodonga eBallito, kwadlula emhlabeni abantu abane
Umeya wakwaDukuza, ukhansela Lindile Nhaca namhlanje ekuseni, uthole umbiko othinta isigameko sokuwa kodonga elibulale abantu abane eBallito.
Okwamanje imininingwane egcwele ngalesisigameko ibingababikho, kodwa imibiko kuthiwa abasebenzi benkontileka eqashelwe ukwakha udonga olumbamba inhlabathi (retaining wall) luwe labulala abesilisa abane (4) kwasinda oyedwa ophuthunyiswe esibhedlela e-Chief Albert Luthuli, izolo ebusuku, mhlaka 18 Meyi 2024.
Umeya uNhaca udlulisa amazwi enduduzo nokubonga kakhulu kubobonke abantu nezinhlaka ezibe usizo lokuqala ngenkathi kutakulwa labo ekade begqibekile.
“Egameni loMkhandlu kanye nomphakathi waKwaDukuza, sisathukile yilesigameko esingesihle esenzeke izolo. Ngithanda ukudlulisa amazwi enduduzo emndenini walabo abadlulile emhlabeni. Ngifisela umfowethu lona osindile kulengozi wasengeniswa esibhedlela ukuthi alumame ngokushesha. Sifisa ukudlulisa ukubonga kubobonke abantu abazinikele, banikela ngezinto zokuphuza nokudla kwabobonke abantu ebebelekelela ukutakula kulesisigameko, lokhu okwenze umsebenzi wokutakula kwangaphazimiseka. Ukuzikhandla nobungcweti okutshengiswe yibobonke abantu bosizo lokuqala, kuqhubekile kwatshengise ukuthi nangezikhathi ezimbi ubuntu kanye nokumbambisana phakathi kukahulumeni nabantu abazimele, kuyisisekelo sempumelelo”, Kusho UMeya.
Uphenyo lwalenhlekelelo seluvuliwe amaphoyisa (SAPS), UMeya uyacela ukuthi abantu bayeke ukuqagela ngesizathu salengozi.
“Sizoseka umnyango wezabasebenzi (Department of Labour) njengoba nawo usuqale uphenyo ngokwegunya abanalo, lokuqapha ezokuphepha emsebenzini nalapho kwakhiwa khona. Umasipala uzobuye ubambisane nabaphenyi ngokuba ubanikeze wonke amaphepha adingekalayo yizinhlaka ezibhekelele ezokwakhiwa nezinhlaka zokulandelwa komthetho. Siyafisa ukuqinisekisa ukuthi lapho kwenzeke khona isigameko, umnikazi wendawo wafaka isicelo sokuphasiswa kwe-building plan eyayihambisana nemigomo yokwakha izakhiwo (National Building Regulations) futhi umasipala wakuphasisa. Sifisa nokudlulisa amazwi okubonga komakhelwane abasibekezelile kutakulwa abantu kulesi sigameko. Indawo yesigameko isivaliwe ngenxa yobungozi”, kusho uMeya.
Amathimba kamasipala ekuseni ebesebenza esusa izinto zokwakha ebezivimbile umgwaqo u-Zen Drive, babuye babuyisela ugesi ubunqamuke ngesikhathi senhlekelelo.
Umeya uzobiza umhlangano wesigungu esiphezulu (Executive Committee) ngenhloso yokubheka indlela yokuletha usizo kubantu abashonelwe kulengozi. Umasipala ubambisene nemindeni, uzokhipha iminingwane mayelana nalengozi nezinhlelo ezihlelwayo zokuyobeka laba ababhubhile.

Comments
Post a Comment